|

Umcimbi oyisikhumbuzo seSilo uDinuzulu ungeniswe ngezingxoxo ezisemthethweni zokusebenzisana phakathi kwamaZulu namaBhunu

ISilo uMisuzulu KaZwelithini sichaze umcimbi wesikhumbuzo obusingethwe yi-AfriForum neKwaZulu-Natal Amafa and Research Institute ngoLwesiHlanu mhlazi-18 kuMfumfu 2024 ukukhumbula lowo owayeyiSilo samaZulu phambilini, Isilo uDinuzulu (1868-1913), epulazini lase-Rietfontein (KwaThengisangaye) ngaphandle kwaseMiddelburg eMpumalanga, njegesiqalo sezingxoxo ezingokusemthethweni sokusebenzisana nomphakathi wamaBhunu. Lo mcimbi ububanjelwe epulazini lapho Isilo uDinuzulu sakhothmela khona sisekudingisweni mhlaziyi-18 kuMfumfu 1913, osekuyiminyaka eyi-111 ngqo eyedlule. 

Umcimbi oyisikhumbuzo uyewabuka emuva umlando weSilo uDinuzulu nobuhlobo obuhle ayenabo namaBhunu. Esinye sezigameko esiphawulekayo kulobu buhlobo umyalo owabekwa ngowe-1910 ngu-General Louis Botha, owayengundunankulu wohulumeni omusha wobunye ngaleso sikhathi owawusanda kusungulwa, ukukhulula Isilo uDinuzulu ejele eliseNewcastle. Lokhu kulandela ukuba iziphathimandla ezingamakholoniyali eNatali zagweba Iesi silo samaZulu samyisa ejele emva kwe-Poll Tax Revolt (okuphinde kwaziwe njengeBambatha Rebellion) yangowe-1906. Emva kokukhululwa kwaso, Isilo uDinuzulu savunyelwa ukuba sihlale epulazini laseRietfontein lapho esahlala khona iminyaka yaso yokugcina. Wayaziwa kakhulu nguBotha ngoba, njengalowo owayemusha, uBotha wayeyingxenye yombutho kaCommandant Lucas Meijer owalekelela Isilo uDinuzulu ukuba anqobe uMandlakazi, owaqembuka kumaZulu, ngesikhathi seMpi yeNtaba yeziPoki (yaseTshaneni) ngowe-1884.

ISilo uMisuzulu namuhla sigcizelele ukuba lezi zingxoxo ezisemthethweni nomphakathi wamaBhunu ezizolandela lo mcimbi wesikhumbuzo zihlose ukuzuza ukusebenzisana kuzo zonke izindawo ezizokwenza ukuba kuhlomule le miphakathi yomibili.

Enkulumeni yaso, Isilo sigcizelele, kwezinye zezinto, ukuba “amadlelandawonye omlando” obukhona phakathi kwamaBhunu namaZulu “ayisikhumbuzo sezinkimbimkimbi nalokho okucashile kwemuva lethu”. “Ubuhlobo phakathi kweSilo uMpande, Isilo uDinuzulu kanye namaBhunu ayemelene nabo kusikhumbuza ukuba ulwembu oluyinkmbinkimbi lobuhlakani nokuzimelela okunezimpawu zomlando wethu.”

Izingxoxo phakathi kwamaZulu namaBhunu, ngokweSilo uMisuzulu, zizogxila ezindabeni ezifana nezomnotho, ukuphepha komphakathi, ukwengamela umhlaba, ukucobelelana ngokwamasiko nezinye izindaba ezingaba ngokuhlanganyela.

NgokukaMwalela Cele, oyisekela lenhloko le-Research and Innovation ku-Amafa, okuyindawo KwaThengisangaye yisiqiniseko sendima engaklanywa ekukhuthazeni ukuhlalisana ngokuthula. “Le ndawo nomlando kanye namafa ahambisana nayo iqinisekisa ukuba kukhona okusihlanganisayo kunalokho okusihlukanisayo kuleli lizwe lethu elihle. Kusemqoka kakhulu ukuba Amafa okuyizindawo ezifana nalezi zivikelwe nanokuthi izikhumbuzo nezingqwembe zakhiwe ukuze zilondolozelwe izizukulwane nabantu bawazi umlando wabo,” kuchaza uCele.

Ngesikhathi sesikhumbuzo uBarend Uys, oyiNhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum, uveze ukuba, njengezizukulwane zangaphambilini, nezizukulwane zamanje zinomthwalo wokuqinisekisa ikusasa eliyimpumelelo. Ugcizelela ukuba yonke imiphakathi ezweni ibhekana nezinselelo ezinkulu, kodwa izisombululo ziyasiseka. “I-AfriForum ikholelwela ukuba imiphakathi yamasiko kumele isebenzisane ngesisekelo sokunakana nanokuhloniphana ezindabeni ezisemqoka kule miphakathi. Umbuzo owumlando ukuthi isizukulwane sethu kumele sikuxazulule ukuhlalisana ngokuthula kwayo yonke imiphakathi esibiza ichopho eliseningizimu ne-Afrika ikhaya laso. Lokhu okwenzeka namuhla kube yisiqalo esihle ukuqinisekisa ukuhlalisana ngokuthula. Sakha ukwethembana. Simatasa nezingxoxo ezidingekayo ukuze sizuze ukubuyisana kwangempela kule miphakathi,” ngokuka-Uys.

Uyewamukela impendulo enhle yeSilo uMisuzulu yesicelo sokuxoxisana nomphakathi wamaBhunu. “Silangazelela kakhulu ukuxoxisana nohlanga lomhlabathi ngezindaba ezithinta imiphakathi yethu ngokwehlukana nanokusebenzisana,” kuchaza u-Uys. “I-AfriForum namabhunu baqoka ukuqhubeka nokuhlalisana ngokobulungiswa. Siqoka ukunakana nokuhloniphana. Siqoka ukuhlalisana ngokuthula. Sikhungethwe ngeminye imiphakathi ezweni, futhi ikakhulukazi abaholi bomdabu, baqoka lokhu nanokuthi umgubho wanamuhla uyisibonelo esiyikhethelo salokhu. Kusenza sithobeke sibonga kakhulu ukuba Isilo uMisuzulu sethamele lo mcimbi nanokuba sibe yisikhulumi esikhethekile,” kuphetha u-Uys.

Similar Posts